Imigomo Yesevisi Yengxoxo ye-RCS

Ngokusebenzisa ingxoxo ye-RCS evela kwa-Google, uvumelana Nemigomo Yesevisi ye-Google, Inqubomgomo yobumfihlo ye-Google, kanye nale migomo yengxoxo ye-RCS (ngokweqoqo, “Imigomo Yesevisi”). Ingxoxo ye-RCS ikuvumela ukuthi uthumele umyalezo kwabanye ezinombolweni zabo zocingo, ukuze imiyalezo idlule ku-Google futhi, kwezinye izimo, idlule kwabanye abahlinzeki besevisi (njengezinkampani zenethiwekhi noma amanye ama-app emiyalezo) ukuze ifinyelele lezo zinombolo zocingo. Uyavuma ukuthi idivayisi yakho kanye namadivayisi oxhumana nabo angase ahlolelwe amandla e-RCS ukuze kuqinisekiswe ukuthi uyakwazi ukuthola izingxoxo ze-RCS. I-Google ngezikhathi ezithile ingase ishintshisane ngolwazi lwedivayisi yakho (okuhlanganisa izihlonzi zedivayisi noma ulwazi lwekhadi le-SIM) nenkampani yakho yenethiwekhi ukuze kuqinisekiswe inombolo yakho yocingo (izindleko ze-SMS zingasebenza) kanye nokuhlinzeka ngengxoxo ye-RCS. Ungase ungene ezindlekweni zedatha mayelana nokusetshenziswa kwengxoxo ye-RCS. Le Migomo Yesevisi ayisebenzi kunoma yiziphi izakhi namasevisi ahlinzekwa inkampani yakho yenethiwekhi (njengokushaya kwenkampani yenethiwekhi nokuthumela imiyalezo, okuhlanganisa i-SMS ne-MMS). Ungakwazi ukuyekisa ukusebenzisa kwakho ingxoxo ye-RCS ngokuvala leli sethingi ku-Messages by Google.

Ingxoxo ye-RCS inikezwa, futhi onenkontileka ne-Jibe Mobile, Inc., eku-1600 Amphitheatre Parkway, Mountain View, CA 94043 USA. Uma inombolo yakho yocingo yezwe isuka e-European Economic Area noma e-Switzerland, ingxoxo ye-RCS inikezwa, futhi unenkontileka ne-Jibe Mobile Limited, etholakala ku-70 Sir John Rogerson's Quay, Dublin 2, Ireland, lapho lesi Sifinyezo Semibandela sisebenza khona.